Umndeni usashaqekile ngemuva kokutholakala kwesidumbu sengane yabo eneminyaka engu-14 esigangeni
Isidumbu sengane yesikole saseGoli ebilahlekile uLikhona Fose, 14, sitholwe esigangeni.
ULikhona Fose obefunda ugrade 8 eIkusasalethu Secondary School eBraamfischerville uduke ngoMgqibelo. Watholwa eshonile ngemva kosuku.
UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uMatome Chiloane, ngoMsombuluko uthumele ithimba lomnyango lokweseka ngokwengqondo ukuthi liyoluleka abafundi abahlukumezekile ekilasini nothisha abamaziyo uLikhona Fose, otholwe ebulewe ngempelasonto.
Lo mfundi oneminyaka engu-14 ubudala ofunda u-grade 8 e-Ikusasalethu Secondary School e-Braamfischerville, eGoli, kukholakala ukuthi wayehlala nogogo wakhe. Uduke ngoMgqibelo isidumbu sakhe sesonakele satholwa esigangeni eDurban Deep, eRoodepoort, ngeSonto.
“Yize amaphoyisa esaphenya ngezimo zalesi sigameko esibi, sihlukumezekile ngokushona kukaLikhona ngeviki leNational Child Protection Week, lapho siqwashisa khona ngamalungelo ezingane njengoba ebekwe kumthethosisekelo wethu.
“Siwumnyango ngeke siqale siveze indlela esidangele ngayo ngokulahlekelwa nguLikhona, umfundi wentombazane osemncane obenekusasa eliqhakazile.Akwamukelekile ukuthi impilo yakhe ithathwe ngesihluku esinjena ngakho sicela abomthetho ukuthi babambe ngokushesha labo abamphethe.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini nasemphakathini wesikole sase-Ikusasalethu Secondary, siqinisekisa ukuthi sizwana nobuhlungu obubuzwayo,” kusho uChiloane.