15 Oct 2025, Wed

ULady Mo udlule emhlabeni  kulandela ingozi yemoto  eyenzeke KaNyamazane

ULady Mo udlule emhlabeni  kulandela ingozi yemoto  eyenzeke KaNyamazane

ULady Mo, ogama lakhe langempela nguMoses owake waduma ecula emngcwabeni ushonele esibhedlela kulandela ingozi yemoto eyenzeke KaNyamazane.

UMoses owaziwa nge-Funeral Singer uyingcweti yokulila – abantu bayamqasha emingcwabeni yabo. Uphinde wakhipha ingoma esihloko sithi Dumi Dumi Dumi.

UMoses Sibiya, 34, uqhamuke kungazelele muntu ngesikhathi kusabalala ama-video akhe ecula emingcwabeni futhi enandisa abantu ababezilile. Imindeni yaqala ukumcela ukuthi abe khona njengesililo futhi acule emathuneni.

UMoses owaziwa ngelikaLady Mo wasebenzisa udumo lwakhe ezinkundleni zokuxhumana wakhipha umculo. Ingoma yakhe yakamuva ethi Dumi Dumi Dumi imenza abhukhwe njengomculi, u-MC, nemisebenzi yokuthonya ezinkundleni zokuxhumana.

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *