Umama udutshulwe washona phambi kwezingane zakhe
EStanger, eCharlottedale, ngoMsombuluko ngezithuba zabo-7 ebusuku, umndeni wakwaMyeza uhlaselwe ngabafana. Bafike bafica umama ehleli nezingane zakhe ezimbili. Babuza ukuthi ukhona yini uSbongiseni ingane yakhe endala. Umama waphendula wathi akekho uphumile. Abafana bakhiphe isibhamu bamdubula washonela khona lapho.
Omakhelwane baphuthume endaweni yesigameko bahlangatshezwa isililo negazi ligobhoza endlini.
Imbangela yokushona kwakhe ibingakaziwa kodwa kusolwa ukuthi ushone ngenxa yamacala engane yakhe.
Amaphoyisa akwaDukuza asaphenya.