15 Oct 2025, Wed

Abesilisa abebehlomile bagebenge abagibeli etekisini ngesikhathi bephuma emsebenzini eWaterloo

Abesilisa abebehlomile bagebenge abagibeli etekisini ngesikhathi bephuma emsebenzini eWaterloo

Abagibeli abangu-15 bekhumbi bagetshengwe abasolwa abebehlomile eWaterloo, eKZN, ekuseni namuhla (ngoLwesine).

Lobu bugebengu benzeke ngezithuba zabo-01h25 ku-Inkosi Johnson Road.

Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) aphendule ikhwelo lokuthola usizo kanti ngesikhathi efika athola ukuthi itekisi yohlobo lweToyota Quantum ebithwele abasebenzi abebesuka emsebenzini sekudlule isikhathi enxanxatheleni yezitolo yasendaweni imiswe ngenkani endaweni eyi-de-sac.

Abasolwa bebehamba ngemoto yohlobo lweFord Fiesta emnyama kanti bebelokhu belandela itekisi ngaphambi kokuthi bagasele.

Abazibonele batshele abeReaction Unit ukuthi amadoda abehlomile avule iminyango yamatekisi aphuca abagibeli abangu-15 omakhalekhukhwini nemali.

Abasolwa badubule bebhekise kumshayeli kodwa bageja. Kutholakale i-cartridge engu-9mm esetshenzisiwe endaweni yesigameko.

Akekho noyedwa oshonile futhi olimalile.

AbeReaction Unit benze uphenyo ukuze bathole abasolwa kodwa bekungakaboshwa muntu.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *