14 Oct 2025, Tue

Izingane ezingu-7 ziphakathi kwabantu abangu-42 abashone engozini yebhasi

Izingane ezingu-7 ziphakathi kwabantu abangu-42 abashone engozini enyantisayo yebhasi eyenzeke ku-N1 eMakhado

Izingane eziyisikhombisa ziphakathi kwabantu abangu-42 abashone engozini enyantisayo yebhasi eyenzeke emgwaqeni u-N1 eTshambuzi phakathi kwaseMakhado naseMusina ngeSonto ntambama.

Ibhasi belilibangise eHarare, eZimbabwe lisuka eGqeberha e-Eastern Cape ngesikhathi liphaphalaza eweni ngezithuba zabo-16:00 ngeSonto.

Imbangela yale ngozi ibingakaziwa.

Izisulu zihlanganisa abesifazane abangu-18 nabesilisa abangu-17, kwathi abantu abayisithupha balimala kanzima.

Ingane eyodwa elimele kanzima iphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane.

Abanye abantu abangu-31 bathole ukulimala kanzima futhi baphuthunyiswe ezibhedlela eziningi.

Ibhasi ibithwele izizalwane zaseZimbabwe neMalawi, ebezisendleleni ebheke emazweni azo.

Izidumbu ezingu-41 kwezingu-42 ezikhishwe engozini yebhasi zigcinwe esibhedlela iSiloam, eNzhelele.

Uhlelo lokuhlonza abantu luzoqala ngoLwesithathu.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *