Kushone ababili kulandela isigameko sokudubula endaweni yokucima ukoma
Amaphoyisa abophe owesilisa, 37, ngemuva kokudutshulwa kwabulawa abesilisa ababili abaneminyaka engu-29 no-41 ngesikhathi kunengxabano endaweni yokucima ukoma eVentersburg, eFree State.
NgoMgqibelo, 11 October 2025, ngabo-21:30 amaphoyisa abikelwa ngesigameko sokudubula eVentersburg. Ngesikhathi amalungu ombutho wamaPhoyisa efika endaweni yesigameko athole owesilisa wase-Afrika edindilizile engaphenduli eduze kwesango lalapho okudayisa khona utshwala. Ngesikhathi besendaweni yesigameko amaphoyisa aphinde abikelwa ngesinye isisulu esitholakale sidindilize ethaveni singanyakazi ngemuva kwezinsolo zokuthi sidutshulwe nguyena umsolwa. Abesilisa ababili base-Afrika abaneminyaka engu-29 no-41 bahlonzwe beshonile endaweni yesigameko.
Ngokwemininingwane laba bobathathu bebedlala i-pool ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kwabo. Kusolwa ukuthi umsolwa uhlaselwe yizisulu ezimbili zabesilisa. Umsolwa kuthiwa ube esephumela ngaphandle, wathi ebuyela endaweni yokucima ukoma, wakhipha isibhamu wadubula bobabili abashonile wabalimaza bashona.
Umsolwa wesilisa wase-Afrika ube eseboshelwa icala lokubulala. Kulindeleke ukuthi avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseVentersburg ngoMsombuluko, 13 October 2025.