14 Oct 2025, Tue

Umculi kamaskandi uDlubheke ubhekene namacala amane okubulala nelokuzama ukubulala,abalisa abane

Umculi kamaskandi uDlubheke ubhekene namacala amane okubulala nelokuzama ukubulala,abalisa abane

Umculi kamaskandi uDlubheke Khuzwayo uvele eNkantolo yeMantshi yaseNquthu namuhla. Ubhekene namacala amane okubulala nelokuzama ukubulala abesilisa abane bakwaSithole eQhudeni eNquthu.

Ababili bashone ngemuva kokudutshulwa kwathi abanye basinda.

Icala lihlehliselwe umhlaka-20 Okthoba 2025 ukuze afake isicelo sebheyili kodwa usaboshiwe.

Kubikwa ukuthi uboshwe eDurban North ngoLwesihlanu wase edluliselwa eNquthu.

Kunemibiko yokuthi uzinikele emaphoyiseni ngemuva kokuzwa ukuthi amaphoyisa ophiko lwezimo ezibucayi luyamfuna.

Kwenzeka lokhu nje, amaphoyisa aseGauteng adubule abulala uZamani Ngila Ximba eQhudeni ngoLwesine ebusuku, washona eDuduza eKurhuleni ngo-12 phakathi kwamabili. UXimba ubesolwa ngokudubula abantu abaningi okubalwa nowayengumholi we-IFP ephalamende uMnu Khethamabala Sithole owadutshulwa ehostela laseKatlehong ngoMeyi emuva kokukhuza abafana baseQhudeni abasolwa ngokubulala abantu.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/178TGQroJr/?mibextid=Nif5oz

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *