Abesilisa abane babanjwe begebenga omama ababili ngemuva kokukhipha imali ku-ATM e-Alexandra
Kubikwa ukuthi amadoda angu-4 abanjwe ebamba abantu inkunzi. Kuthiwa babone omama ababili ngemuva kokukhipha imali ku-ATM bakhipha imibese bathatha yonke imali yabo namafoni.
Kubikwa ukuthi omama laba bahayize kwaphuma umphakathi wabajaha wababamba wabashaya kanzima ngezinduku kwaze kwalamula amaphoyisa kwabuyiselwa imali namafoni komama base beboshwa.
Lesi sigameko senzeke e-Alexandra, eGoli.