Isoka likhombise umndeni isidumbu sentombi yalo ngaphansi kombhede elilala kuwo njalo ebusuku
U-Ithabeleng Motleleng, 20, ubulawe yisoka lakhe eSoweto.
Isoka laseSoweto kusolwa ukuthi labulala intombi yalo ababenezinyanga ezimbili bethandana, lase lisiza umndeni walo owawukhathazekile ukuthi liyifune ngesikhathi isidumbu sayo esasiqala ukubola singaphansi kombhede elala kuwo njalo ebusuku.
U-Ithabeleng Motleleng, 20, wagcina ukubonakala ngeSonto, mhlaka-25 Meyi, isidumbu sakhe satholwa sisongwe ngengubo nokhaphethi ngaphansi kombhede wesoka lakhe. Ubengumuntu wokugcina abenaye okuthiwa ubezitshela ukuthi ukhathazekile ngesikhathi umndeni wakhe uthi awumtholi.
Ekhuluma nephephandaba iSowetan, ugogo kaMotleleleng owayenenhliziyo ebuhlungu uthe abakholwa ukuthi bebecabanga ukuthi lo mlisa wayekhathazeke ngempela ngengane yabo, bathola ukuthi sonke lesi sikhathi ilele ishonile emjondolo wakhe.
“Ngiphoxekile futhi ngiphatheke kabi ngoba nangendlela enze ngayo, ubebonakala emsulwa futhi ebonakala esiza ukubheka ekubeni azi ukuthi ukuphi [uMotleleng],” kusho uFrancina Nyelimane, 56.
Umsolwa oneminyaka engu-27 ubudala uvele eNkantolo yeMantshi yaseProtea namuhla ngecala lokubulala.
Ngokusho komndeni, uMotleleleng, unina wengane eneminyaka emibili ubudala ohlala nomndeni kayise eRustenburg, usenezinyanga ezimbili ethandana nombulali wakhe.
NgeSonto, ushiye ikhaya lakhe e-Protea South wayovakashela isoka lakhe, elihlala endaweni efanayo, cishe imigwaqo emithathu.
Ngiphoxekile futhi ngiphatheke kabi ngoba nangendlela enza ngayo ubebonakala emsulwa futhi ebonakala esiza ukubheka ekubeni azi ukuthi ukuphi [uMotleleng].
Francina Nyelimane, ugogo
UNyelimane uthe kuthe ngoMsombuluko ntambama uMotleleleng engabathintanga nocingo lwakhe belukhala lungabanjwa, bafonele isoka lakhe.
“Usitshele ukuthi balwe ekuseni wabe esemxosha, samkholwa,” usho kanje.
Kusukela ngalolo suku umlisa ubelokhu efonela umndeni, ebheka ukuthi uMotleleleng usebuyile yini. Waze waya endlini yakhe eyobheka ukuthi akakabuyi yini.
Ngesikhathi uMotleleng engakabuyi ngoLwesithathu, umndeni uvule icala lomuntu olahlekile.
NgoLwesine amaphoyisa aye lapho ayehlala khona eyomphonsa imibuzo, kuthiwa wabaleka esanda kuwabona.
Amaphoyisa aya endlini ngakusasa amthola epakisha izingubo zakhe.
Ngesikhathi kuseshwa umuzi, umzala kaMotleleng, uNthabiseng Nyelimane, uthe wabona ukuthi umbhede uneqhubu phakathi, wabe esetshela amaphoyisa.
Umsolwa kuthiwa uthe iqhubu lidalwa yizicathulo zakhe nokhaphethi.
UNthabiseng welula isandla ngaphansi kombhede wezwa into ethambile, wabe esedonsa, yilapho-ke bathola khona isidumbu sikaMotleleng sigoqwe ngengubo nokhaphethi.
Omunye umzala kaMotleleng, uDimpho Lipholo, uthe: “Isidumbu sika-Ithabeleng sitholwe sinqunu futhi singenazo izinzipho nezinwele, uBoy [umsolwa] watshela amaphoyisa ukuthi izingubo zakhe zinegazi wabe esezilahla nodoti owawuqoqwe ngamaloli kamasipala alahlwayo.
Ngokusho kukaLipholo, izithandani zazijwayele ukulwa kanti ekuqaleni kukaMeyi ummangalelwa washaya uMotleleleng ngenduku yegalofu.
Izolo izakhamuzi ebezithukuthele zigane unwabu zehlele phezu komjondolo walo mlisa zawudiliza maqede zawushisa.