Owayeyiphoyisa lomgwaqo owadubula wabulala isoka likankosikazi ugwetshwe iminyaka engu-12
Walandelela imoto eyayishayelwa umkakhe eya endaweni yokulala esebenzisa i-GPS tracker
INkantolo eNkulu yaseMpumalanga ngoLwesibili igwebe lowo owayeyiphoyisa lomgwaqo u-Abednego Desmond Mbuyane iminyaka engu-12 ebhadla ejele ngokugqekeza nokubulala isoka likankosikazi wakhe, uThamsanqa Sbusiso Nkosi.

Ukugwetshwa kukaMbuyane, 39, kuhlobene nesigameko esenzeka ngo-Ephreli 15 2023 Kwanyoni Lodge eNelspruit.
“Umsolwa waqala ukusola ukuthi ukuphi umkakhe ngemuva kwezingcingo eziningi zingaphendulwanga. Walandelela imoto abeyishayela esebenzisa i-GPS tracking device, yamholela endlini yokulala,” kusho okhulumela iNational Prosecuting Authority uMonica Nyuswa.
Uthe efika wahlonza igumbi lapho imoto ebipakwe khona.
Wangena ngenkani ekhahlela isicabha wafica umkakhe nomufi.
“Kube nokuhilizisana okwaholela ekutheni unkosikazi noNkosi babaleke ekamelweni, umsolwa wajaha umufi wamdubula ekhanda nasehlombe washona ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko.”
UMbuyane ngokuhamba kwesikhathi wazinikela emaphoyiseni.
Ngesikhathi ikhipha isigwebo inkantolo ibheke ukuthi umsolwa uboshiwe selokhu aboshwa. Ugwetshwe iminyaka emihlanu ebhadla ejele ngokugqekeza kanye neminyaka engu-12 ebhadla ejele ngokubulala. Izigwebo zizophuma kanye kanye, okuzoholela esigwebeni esisebenzayo seminyaka engu-12 ejele.

