Senyukele ku-9 isibalo sabantu abashonile e-Eastern Cape ngenxa yezikhukhula
Isibalo sabashonile kulandela izikhukhula ezinamandla e-Eastern Cape sesinyukele kwabayisishiyagalolunye.
Izikhukhula zihlasele uMasipala wesiFunda i-OR Tambo izinsuku ezimbili, zadala ukubhidlika komhlaba kwadala umonakalo omkhulu empahleni nengqalasizinda.
Iziphathimandla zithi amakhulu abantu basale dengwane ngesikhathi izakhiwo zabo zicwila ezigodini zaseMthatha namaphethelo.
Okhulumela uhulumeni wesifundazwe uYonela Dekeda uthi ithimba lezimo eziphuthumayo lithungatha ibhasi eligugulwe nezingane zesikole ngaseLusikisiki ngoLwesibili.
Uthi ukuthungatha, okumisiwe kusihlwa, kulindeleke ukuthi kuqhubeke ngoLwesithathu ekuseni.
“ Abatshuzi kanye nethimba lonke labatakuli bazophindela emuva ukuyocinga futhi bahlanganise lezo zingane ezilahlekile nanoma yimuphi omunye umuntu okungenzeka ukuthi akaziwa okwamanje. Kunamakhulu abantu asebashiye amakhaya endaweni yase-OR Tambo kanjalo naseButterworth.”
UMengameli Cyril Ramaphosa uzwakalise ukudabuka ngokulahlekelwa kwemiphefumulo.
Uthi kunesidingo sokuqapha, ukunakekelwa nokubambisana uma kunesimo sezulu esibi kakhulu sasebusika.


There’s definately a great deal to know about this subject.
I love all the points you made.