27 May 2026, Wed

UMengameli Ramaphosa uxoshe uNgqongqoshe wemfundo ephakeme uNobuhle Nkabane

UMengameli Ramaphosa uxoshe uNgqongqoshe wemfundo ephakeme uNobuhle Nkabane

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usexoshe uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uNobuhle Nkabane kulandela ihlazo lokuqokwa kosihlalo bamabhodi eSector Education and Training Authorities (SETAs).

Esitatimendeni asikhiphe ngoLwesibili, uRamaphosa umemezele ukuthi iPhini likaNgqongqoshe, uMnuz Buti Manamela, nguyena ozothatha izintambo njengoNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme noQeqesho.

Uphinde waqoka uDkt Nomusa Dube-Ncube njengePhini likaNgqongqoshe.

“Ubuholi bukaDkt Dube buhlanganisa ukusebenza njengoNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kanye nokuba nguNdunankulu waKwaZulu-Natal,” kusho uRamaphosa.

“Isigaba 93(b) sinikeza uMongameli amandla okuqoka amaPhini ongqongqoshe afika kwamabili ngaphandle kweSishayamthetho Sikazwelonke.”

UNkabane ubhekene nengwadla yokukhala ngokuthi ehle esikhundleni ngemuva kwezinsolo zokudukisa iPhalamende mayelana nokubunjwa kanye neqhaza lethimba labeluleki elibhekele ukuqokwa kwe-SETA.

Ugxekwe ngokwenqaba ukudalula amagama amalungu esigungu ngesikhathi kuqhubeka uphenyo ePhalamende, nokubhebhethekisa izinsolo zokuthi izinto ziyimfihlo kanye nokugxambukela kwezepolitiki.

Umbango ushube ngesikhathi kuvela ukuthi abanye abaqokiwe kubalwa amalungu amabili aphezulu e-ANC nendodana kaNgqongqoshe wezaMandla uMnuz Gwede Mantashe.

Ngenyanga edlule, uRamaphosa wacela ngokusemthethweni umbiko kuNkabane echaza ngokuziphatha kwakhe.

Nakuba egcizelela ukuthi ukuqashwa kusemthethweni futhi ngaphezu kwebhodi, amaqembu aphikisayo nezinhlangano zomphakathi bamsola ngokubukela phansi ukusebenza obala emkhakheni obalulekile wokuthuthukiswa kwamakhono.

Ngaphambi nje kwesitatimende sikaMengameli uNkabane ukhiphe owakhe umyalezo wokubonga.

“Kube yinhlanhla ukuhola lesi sikhundla esibalulekile. Ngibonga umkhakha kanye nabantu baseNingizimu Afrika ngokungeseka,” kusho yena.

“Ngizibophezele ekusebenzeleni izwe lethu nasekuthuthukiseni intuthuko yalo.”

By admin

One thought on “UMengameli Ramaphosa uxoshe uNgqongqoshe wemfundo ephakeme uNobuhle Nkabane”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *