Usengumsakazi woKhozi FM uMaka Tha
U-Simthande Myeza owaziwa kakhulu ngoMaka Tha ezinkundleni zokuxhumana, usesengumsakazi ku Ukhozi FM.
Lo msakazi, umlingisi wethelevishini nosomahlaya uzozwakala njalo ngeSonto kusukela ngo 00:00 kuya ku 03:00, lapho ezoqhubeka khona nokuletha umculo omnandi kanye nokuzijabulisa kubalaleli basebusuku.

UMaka Tha usezuze ukuthandwa okukhulu kubalandeli bakhe ngenxa yesitayela sakhe esihlukile,ngamahlaya.

Ukufakwa kwakhe kule ngosi yesikhathi kubonisa ukuzibophezela koKhozi FM ekuqhubekiseni phambili amakhono amasha kanye nokuqinisekisa ukuthi abalaleli bathola okuqukethwe okuseqophelweni eliphezulu.


