UYanda Msweli usezoqhuba iTraffic kuFacebook ngemuva kokungabuyi oKhozini
Ayanda Msweli usememezele ukuthi usezoqala ukuqhuba izibuyekezo ze-traffic ekhasini lakhe le Facebook njalo ekuseni ngezikhathi ezahlukene.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi Ukhozi FM lungazange lusambuyisa ezinhlelweni zalo, njengoba kulindeleke ukuthi kuqale uhlelo olusha lwe line-up kusukela ngomhlaka 1 April 2026.

Abantu abaningi bakhale ezinkundleni zokuxhumana ngoku khishwa kukaMsweli oKhozini, beveza ukuthi umsakazo ungase ulahlekelwe abalaleli abaningi. Lokhu kungenxa yokuthi uMsweli uthathwa njengoqweqwe lomethuli we traffic, futhi uthandwa ngabantu abaningi ngenxa yendlela yakhe ecacile, esheshayo futhi ethembekile yokwethula ulwazi lwesiminyaminya emigwaqweni.
Abanye abalaleli baze baphakamisa ukuthi iGagasi FM kungaba kuhle uma ingamthatha uMsweli njengomethuli we traffic, njengoba enolwazi olunzulu futhi enabalandeli abaningi abathembekile.
Kusazobonakala ukuthi ikusasa likaMsweli lizoba kanjani emsakazweni, kodwa okwamanje abalandeli bakhe bazokwazi ukuqhubeka bethola izibuyekezo ze traffic ngqo kuFacebook wakhe njalo ekuseni.


