28 May 2026, Thu

Kucasuke umqashi ngemuva kokuba isisebenzi sakhe sithenge imoto

Kucasuke umqashi ngemuva kokuba isisebenzi sakhe sithenge imoto.

Kuthiwa ukheshi egaraji likaphethiloli eKapa ungene enkingeni ngokuthenga imoto, umqashi wakhe wamtshela ukuthi akasule esikhundleni noma engeke esaba umuntu ophatha imali kodwa kunalokho agcwalise izimoto ngophethiloli. Umqashi uphinde wafuna ukubona izitatimende zakhe zasebhange.

Uma ethi ayikho imali wamsola ngokweba ebhizinisini lakhe kodwa wathi isenzo somqashwa sokuthenga imoto asimjabulisi.

Lo wesifazane uthe sekuphele izinyanga elondoloza imali ukuze athenge imoto futhi usebolekiwe.

Esho ngenhliziyo “imoto uyithengeleni njengoba ngikukhokhela amakinati?”

 

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/169beQNPRo/

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *