Kushone abantu abahlanu – okuhlanganisa namaphoyisa amabili – engozini enyantisayo eyenzeke ku-N3, ngemuva nje kweMarrianhill Toll Plaza.
Kushone abantu abahlanu – okuhlanganisa namaphoyisa amabili – engozini enyantisayo eyenzeke ku-N3, ngemuva nje kokuthi iMarrianhill Toll Plaza: UDuma uthole umbiko kwaRoad Traffic Inspectorate.
Isitatimende sabezindaba nomphakathi sikaNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu uMnuz Siboniso Duma
I-Marianhill Toll Plaza, N3: Ngemva kwamahora ambalwa isivimbamgwaqo sibe yimpumelelo, umshayeli wePolo obudedengu udale ingozi enyantisayo ngaphambi kwaseShongweni Offramp, ku-N3 obheke eMgungundlovu.
Ngokusho kwethimba lethu elizinikele e-Road Traffic Inspectorate, itekisi ebithwele abagibeli abangu-17 – eya eXobho iphambukile yagingqika emamitha angu-50 yehla onqenqemeni.
Abashayeli bamaloli abazibonele ingozi badalule ukuthi umshayeli wetekisi obezama ukuvika iPolo Driver budedengu uhlulekile ukulawula itekisi yakhe.
Ithimba lakwa-RTI elisebenzisana namaphoyisa kaMasipala waseThekwini, iRoad Traffic Management Corporation kanye namaphoyisa aseNingizimu Afrika azokwakha kabusha le ngozi njengengxenye yophenyo.
Okwamanje, sizama ukuthola imindeni yabashonile.
Sidlulisa ukudabuka kwethu emindenini yabashonelwe.
Abagibeli abathathu basesimweni esibucayi. Kanti abanye abayisishiyagalolunye bathole imihuzukwana. Baphuthunyiswe esibhedlela i-R.K Khan.
Indawo okwenzeke kuyo ingozi isasebenza.
Sithulela isigqoko abasebenzi bezimo eziphuthumayo abasebenza ngobungcweti ukukhipha izidumbu zabashonile.
Namuhla sethule umkhankaso wethu we-Durban July kanye ne-Winter Holiday Safety Road Safety.
Ngigunyaze ithimba le-RTI ukuthi liqhubekisele phambili umkhankaso othi “Nonsense, Zero Tolerance, and Alufakwa Campaign.”
Sisakhathazekile ngemibiko ekhombisa ukuthi izingozi eziningi zomgwaqo zenzeka ebusika nasebusuku.
I-Road Traffic Management Corporation ishicilele lezi zingozi ezilandelayo zikazwelonke eminyakeni edlule:
● Juni 2021 – 902 izingozi zomgwaqo.
●Juni 2022 – 873 izingozi zomgwaqo.
●Juni 2023 – 833 izingozi zomgwaqo.
●Juni 2024 -923 izingozi zomgwaqo.
I-RTI izoqhubeka nokuqinisekisa ukubonakala kuyo yonke impelasonto namaholide ezikole asebusika.
Ikhishwe nguNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu

Imibuzo
Ndabezinhle Sibiya | Umkhulumeli | 082 375 4742 | UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu

