UMchunu uyazichitha izimangalo zikaMkhwanazi ngenxa yokushoda kobufakazi
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, uzichithile izinsolo zikaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, azibize njengezinsolo ezingenabufakazi.
UMchunu ubeseVryheid, e-KZN emkhankasweni wakhe njengelungu lesigungu esiphezulu se-African National Congress (ANC) ngaphambi kokhetho lokuchibiyela ngesikhathi aziswe ngenkulumo kaMkhwanazi esithangamini nabezindaba sakwa-SAPS.
UNgqongqoshe ubelokhu exoxisana nenqwaba yamaqembu omphakathi, okuhlanganisa iziNduna, izinhlangano zomphakathi kanye nabalimi bezentengiselwano, bedingida izindlela okuhloswe ngazo ukulwa nobugebengu obudlangile obubathintayo, okuhlanganisa nokwebiwa kwemfuyo, ngesikhathi kusolwa lezi zinsolo ezimbi ngaye.
Ngokombiko we-SABC News, uNgqongqoshe esitatimendeni asikhiphe ngeSonto, uthi akasoze avumela ubuqotho bakhe, oboMnyango noma beSAPS wonkana buchithwe ngamasu ashiwo ngaphandle kobufakazi noma izinqubo ezifanele, ezivela kunoma ngubani, okuhlanganisa noGeneral Mkhwanazi.
“Sizobuyekeza izitatimende zikaKhomishana wesiFundazwe bese sibheka izinyathelo ezifanele. Zonke lezi zitatimende azisho esidlangalaleni zidinga uphenyo oluphuthumayo, olunzulu nolusobala, endaweni efanele.”
UNgqongqoshe wengeza ngokuthi usazibophezele ekuhlonipheni umthetho, ukuqinisekisa ukuziphendulela ngaphakathi koMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika kanye nokusebenzela abantu baseNingizimu Afrika ngobuqotho.
“Futhi okubaluleke kakhulu, uNgqongqoshe usalokhu ezibophezele emsebenzini awenzayo, okungukunciphisa izinga eliphezulu lokubulala, ukunciphisa izinga eliphezulu lokutholakala kwezibhamu ezingekho emthethweni, ukulwa nokushushumbiswa kwezidakamizwa nama-GBV+F ezweni lonke, kugxilwe ikakhulukazi ezifundazweni ezine ezinobugebengu obuphezulu, okuyizi: KZN, Gauteng, Eastern Cape kanye neWestern Cape,” sifundeka isitatimende.

