28 May 2026, Thu

URamaphosa uyagomela ukuthi uzobhekana nezinsolo zikaMkhwanazi

URamaphosa uyagomela ukuthi uzobhekana nezinsolo zikaMkhwanazi

UMengameli Cyril Ramaphosa usephinde wakhuluma ngezinsolo zikaKhomishana waKwaZulu-Natal.

Uthi uzokhuluma nabo uma esebuyile kuleli ephuma engqungqutheleni yeBrics.

‘Lena akusiyo indaba okungafanele siyinake. Kuwudaba olubucayi oluthinta ukuphepha kwabantu bakithi kodwa futhi luhlobene nokulandela kwethu umthetho,’ usho kanje.

Kulezi zinxushunxushu zakwa-SAPS umengameli unxuse ukuthi kube namakhanda azolile futhi apholile.

Khonamanjalo amaqembu amaningi ezepolitiki afuna inhloko kaMchunu.

Baphinde basabisa ngokubhalela uSomlomo wePhalamende ukuze acele inkulumo-mpikiswano ephuthumayo mayelana nebhomu likaMkhwanazi.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *