28 May 2026, Thu

Intombazane ethele enye intombazane nge-acid ngenxa yesoka isiphawulile ngesenzo sayo

Intombazane ethele enye intombazane nge-acid ngenxa yesoka isiphawulile ngesenzo sayo.

 

OWESIFAZANE othele enye intombazane, u-Imbewu Hlanga nge-acid, u-Yvonne Maja, kubangwa isoka, ungene ku-facebook wakhe ukuze adalule imininingwane ngalesi sigameko. Embhalweni kuFacebook, uYvonne uthi isoka abalwa nalo yilona bhungu elamkhokhela imali yebheyili futhi lamvakashela ejele ngesikhathi eboshiwe.

UYvonne uphinde wathi isisulu, u-Imbewu Hlanga nguyena obemhlukumeza izikhathi eziningi ngokubonakala nasemsebenzini. U-Yvonne uthi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko umfana walala ngakubo wamphelezela eya emsebenzini ngoMgqibelo.

Uphinde athi unabo ubufakazi balo lonke lolu daba futhi konke kuzodalulwa enkantolo. Nokho uxolisile ngalesi senzo.

UYvonne uboshiwe wadedelwa ngebheyili. Kulindeleke ukuthi avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMahwelereng ngomhla zingu-21 kuJulayi 2025.

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *