28 May 2026, Thu

Kulindeleke ukuba liqale namhlanje ukuqulwa kwecala lalowo osolwa ngokususa uthuthuva ngoJulayi 2021, uBonginkosi Khanyile.

Kulindeleke ukuba liqale namhlanje ukuqulwa kwecala lalowo osolwa ngokususa uthuthuva ngoJulayi 2021, uBonginkosi Khanyile.

Icala lalowo osolwa ngokususa udweshu ngoJulayi 2021, uBonginkosi Khanyile, kulindeleke ukuthi liqale eNkantolo yesiFunda yaseThekwini namhlanje.

UKhanyile, ongaphandle ngebheyili ka-R5 000, ubhekene namacala ahlanganisa awokugqugquzela udlame emphakathini nokuphula umthetho iDisaster Management Act.

Kusolwa ukuthi uKhanyile wasusa uthuthuva ngesikhathi ethi lowo owayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, akadedelwe ejele ngemuva kokuthi eqale ukudonsa isigwebo ngokudelela inkantolo ngokuhluleka ukuvela phambi kweKhomishini yokuThuthukiswa koMbuso.

Lezi zinxushunxushu ziqale KwaZulu-Natal zadlulela nasezingxenyeni ezithile zeGauteng, nokwaholela ekuphucweni kwempahla nokucekeleka phansi kwezigidigidi zamarandi.

Imiphumela yombiko mayelana nezinxushunxushu

Khonamanjalo, embikweni oshicilelwe ngonyaka odlule, iSouth African Human Rights Commission kanye ne-CRL Commission bathi izibhelu zikaJulayi 2021 zaziqhutshwa ngokobuhlanga phakathi kwabantu abamnyama namaNdiya.

Baphinde bathi abanye abantu abangosomathuba basebenzisa ukuboshwa kukaZuma ukugqugquzela udlame.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *