28 May 2026, Thu

UGeneral Masemola ukuphikile ukuthi walivala ithimba elibhekene nokubulawa kwezepolitiki

UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, ukuphikile ukuthi walivala ithimba elibhekene nokubulawa kwezepolitiki.

UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke ubekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu.

Lesi sithangami siza ngemuva kwezinsuku uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlanhla Mkhwanazi, ebenesithangami nabezindaba.

Uveze ukuthi kukhona ukugxambukela kwezepolitiki ophenyweni lwamaphoyisa.

Ngaphezu kwalokho, uMkhwanazi uveze ukuthi angu-125 esewonke amadokodo amacala abesaphenywa aphucwa ithimba elijutshwe yiPhini likaKhomishana kazwelonke, uLieutenant-General Sibiya, owayesebenza ngokomyalelo kaNgqongqoshe wamaPhoyisa.

Kodwa uMasemola ukuchithile lokhu, wathi akakaze asayine ukuvala.

“Angikaze ngiyibone incwadi engisayine ukuthi ngivale,” usho kanje.

UMasemola naye uke washo ukuthi isivikelo sikaMkhwanazi siqinisiwe.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *