Kushone oyedwa engozini eyenzeke kwaMashu, enyakatho yeTheku, ngoLwesine.
Kushayisane iloli nebhasi ku-M25.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS, uGarrith Jamieson, uthe abezimo eziphuthumayo balaphe inqwaba yabantu abebesendaweni yesigameko.
“Kusolakala ukuthi iloli ebelibheke eThekwini lihlulekile ukulilawulek laphaphalaza lawela phakathi nendawo, lashayisana nebhasi.
“Abezimo eziphuthumayo bathole abantu abaningi abalimele futhi ngokushesha kwathunyelwa ama-ambulensi amaningi, kanye nabe-Advanced Life Support Paramedics, bathunyelwe ukuyosiza. Kuhlolwe ukuthi bathathu, abantu abangu-35 batholakala ukuthi bathole ukulimala okuhlukahlukene.”
“Ngeshwa, umshayeli weloli, owesilisa okukholakala ukuthi uneminyaka engamashumi amahlanu ubudala, utholakale evaleleke kule ngozi elimele kakhulu.”

