28 May 2026, Thu

Abesilisa ababili baseMlazi bagwetshwe odilikajele ngecala lokubulala umfundi kaGrade 11 uWandile Ngcobo

Abesilisa ababili baseMlazi bagwetshwe odilikajele ngecala lokubulala umfundi kaGrade 11 uWandile Ngcobo.

BAGWETSHWE odilikajele abalisa ababili baseMlazi ngokubulala ngesihluku uWandile Ngcobo (17), owabulawa kabuhlungu elungiselela izivivinyo zakhe zikaGrade 11.

UWandile wayeyedwa ekhaya ngesikhathi ehlaselwa. Izigilamkhuba zigqekeze endlini, zambulala, zahamba nomakhalekhukhwini wakhe, ithelevishini kanye ne-decoder. Lesi sigameko sishiye umphakathi ushaqekile futhi uthukuthele.

Inkantolo ithole laba balisa ababili benecala lokubulala ngenhloso kanye nelokuphanga ngesihluku, incoma ithimba labaphenyi ngokuphuthumisa abasolwa enkantolo.

Umndeni kaWandile uzwakalise ukukhululeka ngesigwebo kodwa wathi abukho ubulungiswa obungabuyisa indodakazi yabo ethandekayo, eyayinekusasa layo lonke phambi kwayo.

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *