8 Apr 2026, Wed

Isoka ebelihlushwa yisikhwele libulale intombi yalo ngembazo ethaveni

Isoka ebelihlushwa yisikhwele libulale intombi yalo ngembazo ethaveni ngemuva kokuyibona ixoxa nabesilisa.

Isoka elinesikhwele ligence labulala intombi yalo ngembazo ngemuva kokuyisola ngokuqoma amanye amadoda endaweni okuphuzela kuyo utshwala.

Umsolwa, 32, wathukuthela wagana unwabu ngesikhathi ebona intombi yakhe eneminyaka engu-35 ubudala exoxa nabanye besilisa endaweni yesheebeen esigodini saseMukovhawabale, ngaphandle kwaseThohoyandou.

Umbulali ugasele ekhaya wathatha imbazo ebukhali wabuyela lapho okuphuzelwa khona lapho afike wagawula intombi yakhe kabili entanyeni, yashona ujuqu.

Amaphoyisa aseLimpopo abophe umsolwa endaweni yesigameko ngoLwesithathu ntambama.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseVhembe, uWarrant Officer Vuledzani Dathi, lezi zithandani beziphuze ubhiya ndawonye ngesikhathi isikhwele sihlasela isoka.

“Kusolakala ukuthi umsolwa ube esesebenzisa into ecijile wanquma umlingani wakhe entanyeni washonela khona lapho, wabe esephuma endaweni yesigameko kodwa amaphoyisa abizelwa endaweni yesigameko abe esebopha umsolwa ngokushesha kuyona le ndawo,” kusho uDathi.

UDathi uthe udlame lwasekhaya ngeke lukhishwe njengembangela yokubulawa ngesihluku. Owesifazane obulewe ushiye izingane ezimbili.

Umngani ophuza utshwala uMelton Netshivhulana, ozibonele ukuhlasela, uthe umsolwa ubesola intombi yakhe ngokumjolela ngaphambi kwesigameko.

“Ubethukuthele egane unwabu intombi yakhe ikhuluma namanye amadoda kubonakala ukuthi uyakujabulela ukuwanaka, wabe esemsola ngokujola, wathula kwaphela imizuzu engasakhulumi namuntu sacabanga ukuthi mhlawumbe uzolala njengoba esedakiwe,” kusho uNetshivhulana.

Ufakazi uthe wonke umuntu ushaqekile ngesikhathi umsolwa ebuya ephethe imbazo.

“Besingakaze sicabange ukuthi uzosebenzisa leyo mbazo ukubulala umuntu ikakhulukazi umuntu ahlala naye ekhaya kodwa okusithusile ukuthi azange athi vu kumuntu wavele waqonda kwisithandwa sakhe wasihlahlela kabili entanyeni sawa sashonela khona lapho,” usho kanje.

UNetshivhulana uthe lezi zithandani zivame ukuphuza ndawonye ngokuthula futhi azikaze zilwe, okwenze ukuhlasela kwangoLwesithathu kwethusa kakhulu.

“Angikaze ngisole ukuthi bangase babe nezinkinga njengoba bebebukeka bejabule ndawonye ngaso sonke isikhathi, nalapho emsola ngokujola sasicabanga ukuthi uyadlala noma udakiwe,” usho kanje.

Umbulali, 32, ugcinwe esitokisini samaphoyisa kanti uzovela enkantolo yemantshi maduze.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *