Kuboshwe ilunga lomndeni ngokubulala uJayden-Lee Meeks, 11
Ilungu lomndeni elineminyaka engu-31 ubudala liboshiwe mayelana necala lokubulala uJayden-Lee Meeks, 11, isidumbu sakhe esatholwa eFleurhof, entshonalanga neGoli ngoMeyi 2025.
Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort ngoMsombuluko.
Ukuboshwa kuza ngemuva kwamasonto amaningi okukhala komphakathi kanye nezimfuno zobulungiswa kulandela ukutholakala kwesidumbu sikaJayden-Lee eduze kwekhaya lakubo.

