25 Apr 2026, Sat

UMongameli Ramaphosa uqoke uMantashe njengeBamba likaNgqongqoshe Wezamaphoyisa

UMongameli Ramaphosa uqoke uGwede Mantashe njengeBamba likaNgqongqoshe Wezamaphoyisa

UMengameli uCyril Ramaphosa useqoke uMantashe ukuthi abambe lesi sikhundla ngokushesha.

UNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi, uMnuz Gwede Mantashe, uqokwe njengeBamba likaNgqongqoshe wamaPhoyisa ngemuva kokuthi uMnuz Senzo Mchunu enikwe ilivu eyisipesheli.

UMchunu unikwe ikhefu eliyisipesheli ngemuva kokumataniswa nenkohlakalo ethinta amaphoyisa.

Esitatimendeni esifushane esikhishwe ngoLwesibili ebusuku, iHhovisi likaMengameli lithe uMantashe uzoba uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuze kube uSolwazi Firoz Cachalia ethatha lesi sikhundla ekuqaleni kuka-Agasti.

Enkulumweni yakhe ebusuku ngeSonto, uRamaphosa umemezele ukuthi uCachalia uzothatha lesi sikhundla ngokulandela isigaba sika-91 sesigatshana (3)(c) soMthethosisekelo esinikeza umengameli igunya lokuqoka ongqongqoshe ababili ngaphandle kwePhalamende likaZwelonke.

Ukuqokwa kukaMantashe njengeBamba likaNgqongqoshe wamaPhoyisa kuhambisana nesigaba 98 somthethosisekelo.

Isimiso sibeka ukuthi uMongameli anganikeza ilungu lekhabhinethi amandla noma umsebenzi welinye ilungu elingekho esikhundleni noma elingakwazi ukusebenzisa lawo mandla noma ukwenza lowo msebenzi.

UMantashe, nokho, uzowugcina umsebenzi wakhe njengoNgqongqoshe Wezimbiwa kanye Nezinsizakusebenza zikaphethiloli.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *