UNgqongqoshe Wezokubuyiswa Komhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya uhlangane nenkosi yabathembu uBuyelekhaya Dalindyebo
UMzwanele Nyhontso uthi abaholi bomdabu banamandla okuthuthukisa impilo yabantu ababaholayo.
UNGQONGQOSHE wezokuBuyekezwa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya ukholelwa ukuthi iNkosi yabathembu uBuyelekhaya Dalindyebo uyisibonelo esihle ngokuzimisela kwakhe ukuhlinzeka ngendawo lapho uhulumeni engakhela khona izindlu zabantu abasale dengwane ngenxa yezikhukhula.
UNyhontso uhlangane neNgonyama ngemuva kokumenywa eNdlini yayo Enkululekweni eMthatha.
Ungqongqoshe ubesemkhankasweni wokuthola amaphasela omhlaba kulabo abalahlekelwe yizikhukhula e-Eastern Cape.
UNhyontso uphinde wanxusa abaholi bomdabu endaweni ukuthi babe yisibonelo. Kubika uRonald Masinda.
Izikhukhula zangenyanga edlule zidlule nemiphefumulo engu-103 e-Eastern Cape, zashiya izinkulungwane zabantu izindlu.
Ngakho-ke uhulumeni udinga ukusebenzisana okwengeziwe kwabathintekayo abehlukene ukusiza labo abasadinga ukufuduselwa.

