25 Apr 2026, Sat

Umuzi nezimoto zowayenguNdunankulu waseKZN uNomusa Dube-Ncube zishiswe ngomlilo

Umuzi nezimoto zowayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube zishiswe ngomlilo

Ukhungathekile umndeni wowayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal ngemuva kokusha komuzi wakhe kanokusho oseKloof, eThekwini, ngobusuku.

Lo mlilo ucekele phansi nezimoto ezintathu zikaNkk Nomusa Dube-Ncube obenguNdunankulu wesifundazwe phakathi kuka-Agasti 2022 noMeyi 2024.

Akukacaci ukuthi yini imbangela yomlilo nenani lempahla elahlekele umndeni kaDube-Ncube ngesikhathi kuqubuka umlilo.

Ithimba labezicishamlilo beThekwini Fire and Emergency Services kuthiwa lizamile ukuhlenga umuzi kodwa lahluleka; ngokubonga, akekho owalimala.

Imbangela yomlilo ayaziwa
Umthombo uzwakalise ukushaqeka wathi: “Asazi ukuthi yini eqale umlilo.

“Esikwaziyo njengamanje wukuthi umuzi ushile wonke, kwasha nezimoto zakhe ezintathu ebezipake emagaraji abo.”

I-video ethathwe ngemuva kokunqanyulwa komlilo ikhombisa enye yezimoto ishe yangqongqa futhi uphahla lwendlu selubhodlozekile.

ISunday World izamile ukuxhumana noDube-Ncube mayelana nalesi sigameko, kodwa ubengakaphenduli.

Njengamanje, uDube-Ncube usethimbeni le-ANC esifundazweni, elibhekele ukwakha kabusha iqembu esifundazweni.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *