UMalema uthi iKZN incane kakhulu kuMkhwanazi, kumfanele ukuthi abambe iqhaza kuzwelonke
UMHOLI we-EFF uJulius Malema uthi izwe ngeke likwazi ukulahlekelwa nguMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi uma kuphela inkontileka yakhe.
UJulius Malema we-EFF uthi uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, kumele akhushulelwe esikhundleni sezwe, futhi uxwayisa umengameli usebenzisa ikhomishini yophenyo ukuze abambezele ukuphendula.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoLwesine ngaphambi komgubho we-EFF weminyaka engu-12 yasungulwa eKapa, uMalema uchaze uMkhwanazi “njengeqhawe” futhi waxwayisa izwe ukuthi ngeke likwazi ukulahlekelwa nguye uma inkontileka yakhe iphela maduze.

