UFloyd Shivambu uthi iMK Party isitokfela somndeni wakwaZuma eNkandla
“Umkhonto weSizwe akusiyo inhlangano eqotho, ibhizinisi lomndeni nesitokfela sikaMengameli Jacob Zuma ukuze kuhlomule yena nomndeni wakhe lokho kuyiqiniso” kusho umgqugquzeli we-Mayibuye iAfrika uFloyd Shivambu.
“Sizamile ukukhuluma ngalokho, sasebenza ebuholini boMkhonto weSizwe ezingeni eliphezulu, singakutshela ukuthi kuzoba ukuvukela umbuso uma singabatsheli abantu baseNingizimu Afrika ukuthi ayikho inhlangano yezepolitiki ebizwa ngeMK Party. Floyd Shivambu.

