Oneminyaka engu-16 uboshelwe ukuhlasela amalungu ephalamende.
Amaphoyisa aseWestern Cape abophe umsolwa wesibili mayelana nokuhlaselwa kwamalungu amathathu ePhalamende eKapa.
Umsolwa oneminyaka engu-16 ubudala ubanjwe eBrown Farm namhlanje ekuseni.
Njengamanje ugadwe ngamaphoyisa esibhedlela ngemuva kokudutshulwa ngesikhathi ehlaselwa.

Usihlalo weKomidi lamaphoyisa, u-Ian Cameron, kanye namalungu ePhalamende, uLisa-Maré Schickerling noNicholas Gotsell bahlaselwe. Babesanda kuphuma ekolishi lokuqeqesha lakwa-SAPS ngesikhathi amadoda ahlome ngezitini ezungeza imoto yabo.
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke usejube abaphenyi abaphezulu ukuthi baphenye ngesigameko. Abasolwa babhekene namacala okuzama ukubulala nelokuzama ukuduna imoto. Amaphoyisa akholelwa ukuthi kuthinteka abantu abathathu kanti balindele ukubopha umsolwa wesithathu maduze.

