KUDUTSHULWE kwabulawa abantu ababili eMkhuhlu, eBushbuckridge, eMpumalanga ekuseni ngezithuba zabo-11:00 ekuseni .
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrigadier Donald Mdhluli uthe kusetshenziswe isibhamu esisezingeni eliphezulu ngesikhathi kudutshulwa izisulu ebezihamba ngeMercedes Benz.
Umuntu wesithathu naye obengaphakathi emotweni uthola ukwelashwa esibhedlela.
Izisulu azikaziwa okwamanje.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1GGmsCVANe/?mibextid=Nif5oz


