22 Apr 2026, Wed

Abafundi ababili abasolwa ngokubulala omunye umfundi bathole ibheyili

Abafundi ababili abasolwa ngokubulala omunye umfundi bathole ibheyili

INkantolo yeMantshi yaseBronkhorstspruit inikeze ibheyili abafundi ababili baseLesedi Secondary School ababhekene necala lokubulala ngenhloso. UMlehalinye Montasi (20) obefunda uGrade 12 unikezwe ibheyili ka-R6 000 kwathi uKgotlhello Mathabathe (19) obefunda uGrade 10 yena wathola ibheyili ka-R3 000. Laba basolwa ngokugwaza babulale umfundi kaGrade 10 uLethabo Mokonyane ka-2 June 2020.

Kusolakala ukuthi ngemuva kokubhala izivivinyo, uMokonyane ubesendleleni eya esangweni lesikole ngesikhathi umsolwa ezithela phezu kwakhe. Kusolwa ukuthi kwaqubuka impi, lapho omunye wabasolwa embambe khona ngesikhathi omunye emgwaza ngento ecijile amahlandla amaningi. UMokonyane uphuthunyiswe esibhedlela, washonela khona ngemuva kwamahora ambalwa.

Enkantolo, abasolwa bafake isicelo sebheyili, bekhala ngokuthi kumele baqhubeke nokufunda. Umshushisi uKarabo Sebela uphikise ibheyili, wathi uMontasi ukuleli lizwe ngokungemthetho ngakho. Uqhube wathi bobabili abasolwa bayaziwa ngofakazi futhi bangase babaphazamise.

Imantshi nokho inike ibheyili, enemibandela eqinile yokuthi ummangalelwa kumele ethamele ukuqulwa kwecala kuze kube kuphothulwa ukuqulwa kwecala, angeke agxambukele, ngokuqondile noma ngokungaqondile, nofakazi, futhi kufanele abhekane nokuqondiswa kwezimilo futhi ahambisane nayo yonke imithetho ebekiwe.

Icala lihlehliselwe umhla zilishumi-10 kuMfumfu-2025 eNkantolo yesiFunda.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *