23 Apr 2026, Thu

Amaphoyisa athungatha owesilisa (35) oshise umuzi wabazali bakhe esigodini saseMariveni ngaphandle kwaseTzaneen

 

Amaphoyisa athungatha owesilisa (35) oshise umuzi wabazali bakhe esigodini saseMariveni ngaphandle kwaseTzaneen ngoLwesihlanu ebusuku.

Amaphoyisa aseRitavi aphume umkhankaso wokuthungatha owesilisa, 35, oshise umuzi wabazali bakhe esigodini saseMariveni ngaphandle kwaseTzaneen ngoLwesihlanu ebusuku.

ILetaba Herald ibike ukuthi okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uColonel Malesela Ledwaba, uthe isigameko senzeke ebusuku lapho umsolwa, ogama lakhe linguVusi Mnisi, ebonakale­ ethela into evuthayo endlini ngesikhathi kukhona amalungu omndeni.

“Unina ubike ukuthi uzwe ingxabano omunye ekhala, wathi uma eyophenya wabona uVusi ethela le nto endlini ngesikhathi umzukulu wakhe ezama ukumvimba wabe esebathela ngale nto bobabili ngaphambi kokuba babaleke wacela usizo, ngesikhathi bebuya nomakhelwane umuzi ubusuvele uvutha amalangabi,” kusho uLedwaba.

Umsolwa ube esebaleka endaweni yesigameko ngemoto yakhe. Amaphoyisa asevule icala lokucekela phansi impahla kanti acela usizo lomphakathi ukuze atholakale.

Umndeni wakwaMnisi usukhiphe umehlokaboni ka-R5 000 kunoma ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwakhe.

Abanolwazi bayanxuswa ukuthi bathinte uSergeant Vulani Ngobeni ku-082 319 9699, bashayele iCrime Stop ku-08600 10111, basebenzise i-app yeMySAPS, noma bavakashele esiteshini samaphoyisa esiseduze.

Uphenyo luyaqhubeka.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *