23 Apr 2026, Thu

Iphoyisa (25) laseGeorge ebelingekho emsebenzini lidutshulwe lalimala ekhaya lalo

Iphoyisa elineminyaka engu-25 ubudala laseGeorge ebelingekho emsebenzini lidutshulwe lalimala ekhaya lalo

Ushayasibhamu odubule iphoyisa ubalekile ngemoto yohlobo lweVolkswagen Polo, eyatholwa ishiywe dengwane eDana Bay.

Iphoyisa elineminyaka engu-25 ubudala elisebenzela esiteshini samaphoyisa eGeorge lidutshulwe lalimala ekhaya lalo eliseMeade Street ngezikhathi zasekuseni izolo.

I-George Herald ibike ukuthi okhulumela amaphoyisa aseSouthern Cape uSergeant Chris Spies uthi amaphoyisa aphuthume endaweni yesigameko ngezithuba zabo-03:40 ngemuva kokuthola imibiko ngesigameko sokudubula.

UConstable obengekho emsebenzini ubenamanxeba amaningi okudutshulwa emzimbeni wakhe wabe esephuthunyiswa esibhedlela, lapho esaqhubeka khona nokwelashwa.

Umsolwa ubalekile ngemoto yohlobo lweVolkswagen Polo, eyatholwa ishiywe eDana Bay. Akekho osaboshiwe, umsolwa usagcwele amathafa.

Abaseshi baseGeorge bavule icala lokuzama ukubulala ukuze kuphenywe.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *