UZuma uthi udumele ngoFloyd Shivambu abemethembe ngendlela engavamile.
OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma usephumele obala mayelana nokuxoshwa kukaMnuz Floyd Shivambu owayenguNobhala Jikelele weqembu loMkhonto WeSizwe (MK).
UZuma utshele abalandeli bakhe eFree State ngempelasonto ukuthi uphoxeke kakhulu ngoShivambu. Uthe “umethembile”.
“Ngiphoxwe insizwa ebengiyithembile ngendlela eyisimanga, sayitshela ukuthi yonile sayibona ithatha abantu ihamba nabo.
“Abanye abantu bakithi abafundile bayinkinga ngoba bezibona bengcono ngoba bekwazi ukukhuluma isiNgisi, thina asikwazi.
“Simnike ithuba lokuhola leli qembu elisha, kodwa wenzeni?
“Waphenduka enye into wanxenxa abantu ukuthi bashiye iqembu le-MK, nabanye balabo bantu engangibathembile,” usho kanje.
Ukuxoshwa kukaShivambu
UShivambu waxoshwa eqenjini leMK ngoJulayi ngokufaka iqembu ehlazweni.
Uke wasuswa esikhundleni sakhe njengonobhala-jikelele emasontweni adlule ngenxa yokuthatha uhambo olungagunyaziwe oluya eMalawi, lapho ahlangana khona nomfundisi uShepherd Bushiri owabaleka kuleli.
Lo mhlangano wadala iphupho elibi eqenjini le-MK njengoba uBushiri ethathwa njengombaleki eNingizimu Afrika.

