Umphakathi ushise owesilisa ngemuva kokugwazwa umnikazi wesitolo eDaveyton
Amaphoyisa avule amacala amabili okubulala aphinde axwayisa izakhamuzi ngobulungisa bamalungu omphakathi njengoba kuqhubeka uphenyo ngezigameko ezimbili zokubulala ngesihluku.
Kushube isimo eChris Hani eDaveyton, eKurhuleni, ngesikhathi izakhamuzi kusolwa ukuthi zishise zabulala owesilisa oneminyaka engu-30 osolwa ngokugwaza abulala omunye ongusomabhizinisi ngoMsombuluko.
IBenoni City Times ibike ukuthi, ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseKurhuleni uCaptain Neldah Sekgobela, isigameko senzeke ngo-07:00 kuVivian Drive.
“Amaphoyisa athole isimangalo sokubulala kanye nequlu labantu. Ngesikhathi efika athole owesilisa, 28, enamanxeba okugwazwa emzimbeni,” kusho uSekgobela.
Umufi kuthiwa nguPeter Manyisa okubikwa ukuthi ubenebhizinisi lekota kule ndawo.
“Abazibonele bathi uMandisizwe Mbadamane (30) naye obedayisa ikota eChris Hani ubonakale egwaza uMancisa ngommese.”
Amalungu omphakathi kuthiwa ajahe uMbadamane, amshaya maqede amthungela ngomlilo esebenzisa isondo. Kuthiwa ushonile endaweni yesigameko.
Imibiko iveza ukuthi laba abashonile bebenengxabano isikhathi eside.
UMbadamane kusolakala ukuthi wayaziwa ngokuhlukumeza uMancisa, kanti ekuqaleni kwalo nyaka, uMancisa kubikwa ukuthi wamvulela icala lokugqekeza, ukweba kanye nokutholakala nezimpahla okusolakala ukuthi zebiwe ngemuva kokwebiwa kwefriji likaMancisa.
USekgobela ukuqinisekisile ukuthi bekungakaboshwa muntu mayelana necala lokubulala, kodwa kuvulwe amacala amabili okubulala.
“Amalungu omphakathi ayanxuswa ukuthi angazithatheli umthetho futhi avumele amaphoyisa ukuthi abhekane nezindaba zobugebengu,” usho kanje.

