Inkampani yakwaCoca-Cola yaseNingizimu Afrika imemezele ukuthi izodiliza abasebenzi abangu-680
Inkampani yeziphuzo ithi ukuncishiswa kwemisebenzi kuzothinta kakhulu izisebenzi zokuphatha, zokusabalalisa, nezokweseka ezindaweni ezifaka amabhodlela nasemahhovisi ezifunda.
Ngasikhathi sinye, inkampani ithembise amaphakheji wokuyeka kanye nokwesekwa kokuphuma endaweni njengengxenye yesinyathelo sokuthuthukisa ukusebenza kahle.
Nokho izinyunyana zabasebenzi okubalwa kuzo iNational Union of Metalworkers (NUMSA) sezizwakalise ilaka lazo, zixwayisa ngokuthi lokhu kuzonyusa izinga labantu abangasebenzi kuleli.
Lokhu kungokwakamuva ochungechungeni lokudilizwa okumenyezelwe izinkampani ezifana noGlencore, Ford SA, kanye no-ArcelorMittal.
Ngokusho kwenyunyana iSolidarity, izaziso zokudiliza ezitholwe yinyunyana ngenyanga edlule zithinta ngqo abantu ababalelwa ku-350,000.
“I-Solidarity ilindele ukuthi lesi sibalo senyuke kakhulu ezinyangeni ezintathu ezizayo,” kusho isikhulu senyunyana, uDirk Hermann, etshela isithangami sabezindaba ngoLwesithathu.
I-Solidarity isimemezele ukungaboni ngaso linye nohulumeni kuMkhandlu Kazwelonke Wokuthuthukiswa Komnotho Nezabasebenzi (NEDLAC) phakathi nokudilizwa kwabasebenzi.
Inyunyana ikholelwa ukuthi ukumenyezelwa kwezingxabano kuzophoqa uhulumeni ukuthi angene engxoxweni ngezinyathelo zokunqanda ukulahleka kwemisebenzi.

