Ikhulunyelwa phansi eyokuboshwa kuka Simphiwe “Sbali” Mlambo okubikwa ukuthi uboshelwe icala le “sexual harassment” ngoMgqibelo mhlaka 13 September 2025. Umthombo othembekile utshele lomsakazo ukuthi ingane eneminyaka elinganiselwa ku 13 iminyaka yayise saloon laphaya ngase Power Fashion edolobheni lase Newcastle iyolungisa izinwele kanti naye uMlambo wayekhona kule saloon njengoba kuyizindawo ajwayele ukubonakala kuzo.
Kubikwa ukuthi waye lokhu eyibuka ingane yaze yathatha ifoni yayo yayicofa ngoba yayikhathazekile ngendlela ayeyibuka ngayo. Kubikwa ukuthi yathi isacofa ifoni uMzala wagijima wangena phansi kwesiketi wayitapuna ephentini wase ephuma ebaleka. Ingane eyayithukile yabe seyifonela abazali yalibangisa esiteshini samaphoyisa nase Thuthuzela Centre yafika yahlolwa udokotela nokwabe sekuvulwa icala line CASE NO 235/9/2025 .uSbali uvele kafushane enkantolo ekuqaleni kweviki kanti uzobuyela enkantolo yase Newcastle ngoMsombuluko mhlaka 22/09/2025 ezofaka isicelo sebheyili.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1GWAgDcpPR/

