Owesilisa, 22, waseMozambique, ulahlwe yicala lokudlwengula intombazane eneminyaka emine ubudala
INkantolo yesiFunda yaseNelspruit izolo igwebe udilikajele owesilisa, 22, waseMozambique, owalahlwa yicala lokudlwengula intombazane eneminyaka emine.
ILowvelder ibike ukuthi lo mlisa ubehlala eMsholozi.
Ngokusho kokhulumela iNational Prosecuting Authority esifundazweni, uMonica Nyuswa, igama likamsolwa ligodliwe ukuze kuvikelwe isisulu.
Ulahlwe yicala lokudlwengula nokuphula umthetho i-Immigration Act 13 ka-2002, kulandela isigameko esenzeka mhla zingu-18 kuNtulikazi 2022, eMsholozi, ngaseWhite River eMpumalanga.
“Uyise wengane wamthumela emzini kamsolwa ukuba ayothola umfowabo, nokuyilapho afica khona ummangalelwa yedwa. Wamfaka egumbini lakhe lokulala, wamkhumula, wamdlwengula. Lesi sigameko sivele ngesikhathi umama wentombazane ebuza ukuthi ukuphi, ingane yaphuma ikhala, yabika ngobuhlungu esithweni sangasese yabe ikhomba ummangalelwa njengomenzi wobubi,” kusho uNyuswa.
Uqhube wathi umama uthe izingubo zengane bezibhidekile futhi wabona isidoda emathangeni engane. Kuthe uma ebhekene nomsolwa waphika wabaleka.
Intombazane iyiswe e-Rob Ferreira Thuthuzela Care Centre ukuze ahlolwe futhi asekelwe. Kuthe uma sekuvulwe icala lamaphoyisa, ummangalelwa waboshwa. Ibheyili yakhe yanqatshelwa. Enkantolo, akaliphikanga icala, wathi uyise wentombazane waqamba amanga ngale ndlela.
IMantshi uVanessa Joubert ugwebe lo mlisa udilikajele ngecala lokudlwengula kanye neminyaka emibili ngokuphula umthetho i-Immigration Act. Inkantolo iphinde yamemezela ukuthi akakufanele ukuba nesibhamu, akakufanele ukusebenza nezingane, yaphinde yakhipha umyalelo wokuthi igama lakhe lifakwe kwiRejista Yesizwe Yamacala Ocansi.

