Ushe wanqonqa umuzi eMadadeni, Section-3 (ezihlabathini) ngezintatha zokusa mhla zingu 20 September 2025, uMuzi wakwa Mbatha onamalunga asithupha, kubalwa nengane eneminyaka emibili ubudala usinde ngokulambisa .
Umndeni wakwa Mbatha, uthi lomlilo ongaziwa uqhamukaphi wabonwa ugogo wekhaya obevakashile osuka eNquthu, ngezithuba lehora lesibili ekuseni
Nokuchaza Kula Sicelo Mbatha, ongumnikazi womuzi Uthi umlilo wabonwa umama wakhe wasebavusa. Uthi kushe yonke into kubalwa ukudla izimpahla, Nama Documents abalulekile .
Lomndeni ucela usizo emalungeni omphakathi eMadadeni njengoba ungenayo indaao yokulala nokudla nezimpahla zokugqoka.





UMTHOMBO: IBINZA NEWZ

