19 Apr 2026, Sun

Kuboshwe ikhehla (70) ngokudlwengula umzukulu walo (17)

Kuboshwe ikhehla elineminyaka engu-70 ubudala ngokudlwengula umzukulu walo oneminyaka engu-17 ubudala esigodini saseLebjelola eSekgopo, eMopani, eLimpopo.

Ngokubika kwe Tzaneen Voice lesi sigameko bekungesona esokuqala. Kuthiwa ikhehla beligwazela umzukulu walo ngo-R200 izikhawu eziningi ukuze athule ngokuhlukumeza.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi umsolwa usagqunywe esitokisini kanti kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoLwesibili lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.

Amalungu omphakathi selokhu azwakalisa ukucasuka ngalesi sigameko, enxusa ukuba kwenziwe ubulungiswa futhi kuthathwe izinyathelo eziqinile zokuvikela izingane ezisengozini ekuhlukunyezweni.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *