Kuboshwe uSimphiwe Mhlongo (38),otholwe nemoto eyebiwe, izibhamu ezingekho emthethweni kanye nomfaniswano wamaphoyisa eNewcastle
NgoLwesithathu, mhla zingu-16 kuMandulo 2025, amaphoyisa esiFunda saseMajuba kanye namaphoyisa ophiko lwe-Road Traffic Inspectorate kanye nonogada abazimele babophe uSimphiwe Mhlongo, owatholwa nemoto yokwebiwa, izibhamu ezingekho emthethweni kanye nezicucu zomfaniswano wamaphoyisa.
Iphoyisa ebelingekho emsebenzini libone imoto ebishayelwa uMhlongo ihamba ku-N11. Yona le moto bekusolwa ukuthi iyabandakanyeka ekuntshontshweni kwemfuyo esifundazweni saseMpumalanga.
Amaphoyisa kanye nozakwabo abalwa nobugebengu bamisa imoto kanti ngophenyo kwatholakala ukuthi le moto kwabikwa ukuthi yebiwe eJeppestown, eGoli ngo-2023.
Ngesikhathi imoto iseshwa, kwatholakala isikhwama sesibhamu esingenalutho. Ukutholakala kwalesi sikhwama sesibhamu kuholele ithimba emzini womsolwa lapho amaphoyisa athola khona isibhamu, isibhamu, izingcezu zomfaniswano wamaphoyisa, isigxivizo samaphoyisa, okhiye bezimoto ezahlukene kanye ne-logbook yezimoto. Uphenyo lokuqala luveze ukuthi isibhamu esitholakele kwabikwa ukuthi sebiwe Osizweni.
USimphiwe Mhlongo (38) uvele okokuqala enkantolo ngoLwesine, mhla zingu-17 kuMandulo 2025, eNkantolo yeMantshi yase-Utrecht, nalapho egcinwe esitokisini ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo kanye nesicelo sebheyili.
NgoMsombuluko, zingu-22 kuMandulo 2025, isicelo sikaMhlongo sebheyili sifinyelele kwangqingetshe, njengoba amaphoyisa emumatanisa necala lokubulala umnikazi wetekisi Osizweni kanye nokubamba inkunzi kwebhizinisi okwenzeka e-Utrecht, ngenyanga kaMeyi ka-2025. Uphenyo lusaqhubeka, kanti kulindeleke ukuthi uSimphiwe abhekane namanye amacala obugebengu.





