UMbalula uthi iKhomishini kaMadlanga ivimbele ukuphindeka kwezibhelu zikaJulayi
UNOBHALA-jikelele we-ANC uFikile Mbalula ugcizelele ukuthi i-ANC yagunyaza ikhomishini kaMadlanga nge-NEC, waxwayisa ngokuthi ukushaywa indiva okushiwo uKhomishana wamaphoyisa uMkhwanazi kungase kudale isiphithiphithi esifana nesiyaluyalu sika-2021.
UNOBHALA-jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokusungula ikhomishini kaMadlanga besidingeka ukuze kunqandwe ukuphindeka kwezibhelu zikaJulayi 2021.
Uxwayise ngokuthi ukungazinaki izinsolo ezibucayi ezishiwo uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, kungase kudale ukuthi kungabi nozinzo.
Ekhuluma emhlanganweni we-ANC eMpumalanga Provincial Council eMbombela, uMbalula ukuchithile ukugxekwa kokuthi umengameli bekumele athathe isinyathelo ngqo esikhundleni sokusungula ikhomishana yophenyo.
Ukubeke kwacaca ukuthi i-ANC ngokuhlanganyela, ngokusebenzisa iNational Executive Committee (NEC), iphasise ikhomishana futhi ukwesekwa akusuki ekutheni umengameli asebenze engachemile.
“Siye kwi-NEC, wonke umuntu weseka ukusungulwa kwekhomishini. Akekho owathi ku-NEC siyaphikisana,” kusho uMbalula. ”I-ANC iyakweseka ukusungulwa kweKhomishini kaMadlanga.
UMbalula ukugcizelele ukuthi isinqumo sokusungula lolu phenyo asigcini nje ngendaba yepolitiki yangaphakathi, kodwa simayelana nokuvikela izwe ekusongelweni kwentando yabantu.
Ukhulume ngezinxushunxushu ezalandela ukuboshwa kwalowo owayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, ngoJulayi 2021, lapho kwashona khona abantu abangaphezu kuka-300 eGauteng naKwaZulu-Natal, exwayisa ngokuthi bekungenzeka kuqubuke umbhikisho ofana nalo ukube izinsolo ezikhona mayelana ne-State Capture yizigebengu bezishaywa indiva.
“Ngomhla ziyisi-6 kuJulayi, sivuka, kunephoyisa likhuluma nesizwe lithi, nazi izinsolo,” usho kanje.
“Maningi amabutho emphakathini abefuna ukukhuphula leyo nto ibe wuhlobo lokuvukela umbuso wentando yabantu, njengoba kwenzeka ngesikhathi sezibhelu zikaJacob Zuma.”

