Usomabhizinisi wasePitoli kanye nomlimi owathunjwa ngonyaka odlule namanje akakatholakali.
UJerry Boshoga, usomabhizinisi wasePitoli kanye nomlimi owathunjwa mhla zingu-18 kuLwezi ngonyaka odlule namanje akakatholakali.
U-Boshoga wathathwa e-Rooihuiskraal, e-Centurion ngemva nje kokuhambela umhlangano webhizinisi.
Ngemva kokunyamalala kukaBoshoga ngonyaka odlule, ama-video aqala ukusabalala ku-inthanethi, ebonisa lo mlisa oneminyaka engu-46 ubudala ehlukunyezwa kanzima ekamelweni.
Kula mavidiyo uBoshoga uzwakala enxusa amalungu omndeni wakhe ukuthi akhokhe isihlengo.
Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema ubuze uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe uSenzo Mcunu (kwi-Ad-Hoc Committee) ngokuthunjwa kwakhe futhi kubukeka sengathi akakaze angenelele kulelicala uMchunu.
UVusi “Cat” Matlala kuthiwa uyamataniswa nokuduka kwakhe.

