25 Apr 2026, Sat

Kunowesilisa ozenza owe-MK Labour Desk ngokuthatha imali kumaShayina asemafemini eNewcastle

Kunowesilisa ozenza ilungu le-MK Labour Desk ngokuthatha imali kumaShayina asemafemini eNewcastle.

UKennedy Buthelezi kuthiwa uye ezimbonini zaseChina eNewcastle wathi ungumsebenzi weMK Labour Desk kumele bamnikeze imali ukuze bavikeleke.

Kuthiwa amaShayina abe esemkhokhela u-R7000 ifemu ngayinye kanti kune-akhawunti yasebhange ebhalisiwe ebizwa ngeMK Regional.

Umlungisi Mancinza weMK Labour Desk uthe iMK ayisoze yakwenza lokho. “Asisoze sadayisa ngomzabalazo wabantu sizomthathela izinyathelo ezinqala” kusho uMancinza.

Isixwayiso.

Kwi-MK Labour Desk sibasiza mahala abantu asibakhokhisi mali. Futhi asiyiceli imali kumqashi. Uma kukhona owenza lokho kwi MK Labour desk ngicela abantu bengazise yena ukuze ngizomqondisa izigwegwe.Asikwazi ukulungisa izwe ngobugebengu.

My WhatsApp number : +27 81 618 1780

MK Labour Desk 🖤💚

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/17QYZXC64Q/

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *