19 Apr 2026, Sun

Kuboshwe abafana abasolwa ngokugenca abantu eMadadeni

Kuboshwe abafana abasolwa ngokugenca abantu eMadadeni, eNewcastle ngaphansi kwesifunda AMajuba, KwaZulu-Natal.

Laba bafana baboshwe eKhenana, eMadadeni, Section-3 futhi kusolwa ukuthi bayingxenye yezikimu ezigenca abantu eMadadeni, baphinde basolwa ngokugenca nokubulala umfana eZenzele, Section (5) eMadadeni.

Iningi labafana kuthiwa yizingane zesikole kodwa sezingene ezigamekweni zobugebengu nokugenca abantu endaweni.

Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo njengoba kufunwa omunye ogama lakhe nguMjeyi ngalesi sigameko.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/1BgTssUf7M/

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *