Bakhala ngokungaholi abasebenzi abahlanza isibhedlela saseNewcastle
Bathi sebekhathele futhi sekufike ekugcineni abasebenzi benkampani ebizwa nge Kamponga Security Service eyathola ithenda yokuhlanza nokugada isibhedlela. Abasebenzi bagxeka lenkampani ngokungabacangeli njengoba bona bengazi ukuthi bahola nini kwazise imali ayingeni ngesikhathi. Abanye bathi bakweletwa ama bonus osekuphele iminyaka ewu 9 bengawatholi yize besebenza kanzima.
Abasebenzi banqume ukuyeka ukuya emsebenzini baqhinqe ngaphandle kwesibhedlela njengoba bethi abanayo imali yokugibela abanye abanakho ngisho ukudla emakhaya. Namhlanje kade kufike uNozulu we #SANFOSAWU okuyinyunyane edlelana ne MK nokhuthaze abasebenzi ukuthi bangacekeli lutho phansi futhi bangabangi umsindo ngoba okubalulekile ukuthi bathole izimfuno zabo kumqashi. Bekade kulindeleke ukuthi abekhona naye umqashi kodwa ugcine engafikanga.
Okunye okushaqisile okuvela eMnyangweni Wezempilo ukuthi kunezinsolo zokuthi lenkampani iyakhokhelwa ama invoice ewafakayo omsebenzi nokuxakayo ukuthi kungani ingabakhokheli abasebenzi.




https://www.facebook.com/share/p/15fDVYTTqz/
Umthombo:

