23 Apr 2026, Thu

Abesilisa ababili babulawe ngokudutshulwa oThongathi

Abesilisa ababili babulawe ngokudutshulwa oThongathi

Abesilisa ababili badutshulwe bashona esigamekweni sokuhlasela eMagwaveni, oThongathi – KZN namuhla (ngoLwesibili).

Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) kanye namaphoyisa kaMasipala aphendule ngokushesha ngemuva kwemibiko yokuqhuma kwesibhamu. Ngesikhathi befika, owesilisa utholwe edindilizile eduze kwemoto yohlobo lweToyota Corolla ebomvu enamanxeba okudutshulwa ekhanda, entanyeni, ebusweni nasesifubeni.

Kuthiwa laba besilisa bebefaka iradio emotweni

Izakhamizi zazise amaReaction Officers ukuthi isisulu sesibili, okukholakala ukuthi sineminyaka engu-16 ubudala, sidutshulwe sahanjiswa ngasese esikhungweni sezokwelapha, lapho kubikwa ukuthi sishonele khona lapho sifika. Abaphenduli bokuqala abakwazanga ukuqinisekisa ngokushesha lolu lwazi.

Ofakazi babike ukuthi bezwe isibhamu kaningi ngaphambi kokuthi imoto ihambe ngesivinini. Imbangela yalokhu kubulala ayikaziwa.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *