UMbuso “Mjaphan Sklabhu” Mncwabe/Vilakazi ubekwe endaweni yakhe yokugcina izolo.
Umndeni, abangani, namalungu omphakathi bebebuthane ngobuningi babo ukuzovalelisa uMbuso “Mjaphan” Mncwabe
Umngcwabo, obubanjelwe ekhaya lakubo,kwaHhaza
Izikhulumi zichaze uMjaphan njengomuntu obezithobile, ejabule futhi ehlale emamatheka ngisho nangezikhathi ezinzima kanti umngcwabo wakhe ubuphethwe yiKhayelihle Funeral Services.
umngani wakhe uSiyabonga Imbongi Mpungose ubonge bonke abakhombise ukuzwelana nabo baphinde babeseka ngesikhathi samalungiselelo omngcwabo.

